Jump to content

Ikhasi Elikhulu

Kubuya ku Wikipedia
Siyakwamukela kwiWikiphidiya yesiZulu,
Umthombo obalulekile ongahlelwa yiwo wonke umuntu.
Manje, sekunemibhalo eyizi- 12,278 ngesiZulu. Masiqale!

Isibhalwa esiqhakanjiswayo

Isithombe sikaMbuyisa Makhubu ethwele umfundi uHector Pieterson
Ukuvukela kweSoweto kwakuyizibhelu nochunge lwemibhikisho eyasuswa yintsha engabafundi abansundu, enxulumeni laseSoweto mhla zili-16 kuJuni ngonyaka we-1976, futhi kwabhebhethekela ezweni lonke laseNingizimu Afrika ngenkathi yobandlululo. Abafundi babhikisha ngokumelene nokungeniswa kolimi lwesiBhunu, esasibhekwa njengolimi labacindezeli, bengafuni kusetshenziswe lona noma kufundiswe ngalo ezikoleni. Kulinganiselwa ukuthi kwakunabafundi abayizi-20, 000 emibhikishweni okwengeziwe...

Ingabe bewazi ukuthi...

Ulwandlekazi

...Ulwandlekazi luyindikimba yamanzi anetswayi emboze amaphesenti angama-70.8% oMhlaba. Nokuthi luhlukaniswe lwaba izindikimba zamanzi ezinkulu, ezibizwa ngokuthi izilwandlekazi ( iPasifiki, i-Atilantiki, lwase-Ndiya, i-Antatika, ne- Aktiki) ?

...Intsha yaseNingizimu Afrika ngokwezibalo zonyaka wezi-2024 yakha amaphesenti angama-33 esibalo sabantu, okusho ukuthi bayizigidi ezingama-21 abantu abasha abeniminyaka ephakathi kwelishumi nanhlanu kuya kwengamashumi amathathu nane (15-34) ?

...INyuvesi yakwaZulu (UNIZULU) isikhungo semfundo ephakeme esisenyakatho nomfula uThukela KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. Nokuthi le nyuvesi yasungulwa ngosizo lweNkosana yakwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, owaba ngumongameli wayo ngonyaka we-1960 ?

Amaqiniso...

IQembu Lebhola Lesizwe laseNingizimu Afrika limele iNingizimu Afrika emdlalweni kanobhutshuzwayo yamazwe omhlaba. Igama eliyisifenqo noma isiteketiso saleli qembu lithi Bafana Bafana. Lafaneleka ukudlala kuNdebe YoMhlaba yeFIFA izikhathi ezintathu: iNdebe YoMhlaba yowe-1998, iNdebe YoMhlaba yowezi-2002 neNdebe YoMhlaba yowezi-2006. Ngowezi-2010, iNingizimu Afrika kwaba yisizwe sokuqala sase-Afrika ukusingatha lomqhudelwano. (okwengeziwe...)

Izibhalwa ngokwezihloko

Izithombe eziqhakanjiswayo

IGoli (IsiNgisi: Johannesburg) ilidolobha elikhulu eGauteng, IGoli libuye libizwe ngokuthi Kwandongaziyaduma noma eMsawawa. Idolobha elikhulu kunawo wonke kwelaseNingizimu Afrika. Igama lisho elithi iGoli lisusele egameni lesilungu elthi Gold noma igolide ngesiZulu, lisho ukuthi KwaGolide. EGoli yilapho umnotho omningi waseNingizimu Afrika uzinze khona.
Usizo ngokubhala

Wamukelekile ukuba ufunde ukuhlela izibhalwa kwiSandbox.

IWikiphidiya ngezinye izilimi

Amanye ama-Wikiphidiya amancane ngeziLimi zaseAfrika

IsiBhunu · Akan · አማርኛ · Bamanankan · Chi-Chewa · chiShona · chiTumbuka · Ɛʋɛ · Fulfude · Gĩkũyũ · هَوُسَ · Ìgbo · isiXhosa · Kinyarwanda · Kirundi · Kiswahili · Kongo · Lingala · Luganda · Malagasy · مصرى · Oromoo · Sängö · IsiSuthu · Setswana · SiSwati · Isindebele · Soomaaliga · Taqbaylit · ትግርኛ · IsiVenda · Twi · Wolof · Xitsonga · Yorùbá ·

(Uma udinga Ama-Wikiphidiya amakhulu, bheka ku-bar esesayidini)

Uhlu lwawo wonke amaWikiphidiya (List of all Wikipedias)